Inyanga Yokuqwashisa Ngamalungelo Abantu Abaphila Nokukhubazeka

NomondeSelokhu izwe laqala ukubuswa ngokwentando yeningi labantu, enye yezinto eziseqhulwini zesizwe ngukwenyusa izinga lokufinyelela kwizinsizakalo kuwowonke umuntu, ikakhulukazi abantu ababuthakathaka abafana nabaphila nokukhubazeka. 

Namuhla, eNingizimu Afrika ebuswa ngokwentando yeningi labantu, amalungelo abantu abaphila nokukhubazeka ayavikelwa, ayagqugquzelwa futhi ayathuthukiswa ngemithetho nangoMthethosisekelo, ongashiyi nhlobo isikhala sokucwasana.

Uma imithetho nezinqubomgomo zibekwa ukuze zikhuthaze abantu abaphila nokukhubazeka, akufanelanga ukuthi umkhakha ozimele nokahulumeni ikubuke lokhu njengenye yezindlela zokuthobela umthetho.

Ukulingana kubantu abaphila nokukhubazeka kufanele kube ngokwangempela nokuzoguqula indlela umphakathi ocabanga ngayo ukuze kuzoqinisekiswa ukuthi abantu abaphila nokukhubazeka bafaka igalelo ngokuphelele ekuzinzeni kwezimo zenhlalo nekukhuleni komnotho kanye nentuthuko.

Njengoba sibeke iNyanga Kazwelonke Yokuqwashisa Ngamalungelo Abantu Abaphila Nokukhubazeka kusuka mhla wesi-3 kuLwezi kuya mhla wesi-3 kuZibandlela, lesi yisikhathi sokuthi sizibheke ukuthi singawathuthukisa kanjani amalungelo abantu abaphila nokukhubazeka futhi siqinisekise ukuthi abantu abaphila nokukhubazeka bayabandakanywa ngokuphelele kuzozonke izingxenye emphakathini wakithi. 

Uhulumeni usalokhu emile ekuzinikeleni kwakhe ukuphakamisa nokuthuthukisa izimpilo zabantu abaphila nokukhubazeka.  Ukuqinisekisa ukubandakanywa ngokuphelele kwabantu abaphila nokukhubazeka, izindawo zomphakathi zilungiswa ngendlela ehambisana nezidingo zalabo bantu abaphila nokukhubazeka, isibonelo izindawo okungeneka nokuhambeka kuzona ngezitulo zamasondo. 

Lezi zindawo zenza ngcono izinga lempilo labantu abaphila nokukhubazeka ngokuthi zibavumele ukuthi babambe iqhaza futhi bafinyelele kangcono kwizinsizakalo.  Lokhu kweseka lokho okubekwe eqhulwini nguhulumeni ekubumbaneni komphakathi futhi kugqugquzela amalungelo abantu abaphila nokukhubazeka. 

Ukwamukelwa kwakamuva koLwimi Lwezimpawu LwaseNingizimu Afrika (i-SASL) njengolwimi olusemthethweni lwe-12 kuligxathu elibaluleke kakhulu elisisondeza ekufezekiseni ngokuphelele amalungelo abantu abaphila nokukhubazeka kokungezwa noma abangezwa ngokuphelele.  

Ngokugunyazwa kwe-SASL, izidingo zolwimi zabantu abaphila nokukhubazeka kokungezwa kuyahlangatshezwana nazo, nokusiza ukunyusa izinga lokufinyelela kwabo emathubeni omnotho nawokufunda.  Ngaphezu kwalokhu, kuqinisekisa ukuthi bavikeleke ngokulinganayo futhi nabo bazuza ngokulinganayo ngokomthetho.

Ukufunda kwabantwana abaphila nokukhubazeka kokungezwa kuqhutshwa ngokuthi uMnyango Wezemfundo Eyisisekelo usebenzise ulwimi lwezimpawu ekufundiseni nasekufundeni kwabo. Lolu hlelo lusiza ukuhlomisa nokucijisa laba bantwana ukuthi benze ngcono izimpilo zabo ngale kwezimo zabo.

Uhulumeni usebenza ukusungulela abantu abaphila nokukhubazeka amathuba omnotho ukuze bezokwazi ukubamba iqhaza elibonakalayo emnothweni futhi bakwazi ukuzondla bona kanye nemindeni yabo.  La mathuba omnotho aphinde abanike umuzwa wokuzizwa bephelele.

UMnyango Wabesifazane, Intsha Nabantu abaphila nokukhubazeka kanye noMnyango Wezolimo, Ukuguqulwa Komhlaba Nokuthuthukiswa Kwezindawo Ezisemakhaya basebenza ngokubambisana ukusheshisa uhlelo lokubandakanywa kwabesifazane, intsha kanye nabantu abaphila nokukhubazeka emkhakheni wezolimo.  

Isibonelelo sakwa-SASSA sabantu abaphila nokukhubazeka sisiza abantu abaphila nokukhubazeka abangaphezu kwesigidi esisodwa ukuthi babandakanywe emiphakathini.  

Ngesikhathi uhulumeni ephishekela ukwenza ngcono ukufinyelela kwabantu abaphila nokukhubazeka kwizinsizakalo, sinxusa izinhlangano, Izinhlangano Ezingenzi Inzuzo kanye nomphakathi ukuthi basebenzisane nathi ekwenzeni isimondawo esizohambelana nabantu abaphila nokukhubazeka. 

Lokhu kubandakanya izindawo ezivumela izitulo zamasondo, imishini esizayo, ukuba nabasizi bolwimi lwezimpawu abazosiza abantu abaphila nokukhubazeka kokungezwa kanye nezinsiza ze-braille ukusiza abantu abangaboni.  

Wonke umuntu angafaka isandla ekwenzeni umehluko ezimpilweni zabantu abaphila nokukhubazeka. Kungaba ngukusiza umuntu onokukhubazeka ukweqa umgwaqo, ukuvolontiya ezindaweni zokunakekela noma ukufunda ulwimi lwezimpawu.

Izenzo zethu zigqugquzelwe nguMongameli waphambilini u-Nelson Mandela owayekhulumela amalungelo abantu abaphila nokukhubazeka.  UMadiba wathi: “INingizimu Afrika entsha esiyakhayo kufanele ifinyeleleke futhi ivuleleke kuwo wonke umuntu... Ilapho kuphela amalungelo abantu abaphila nokukhubazeka namathuba alinganayo kungaba into esiyibona yenzeka”.

Yize siphuma kude ekususeni imigoqo evimbele ukufinyelela kanye nokungena kwabantu abaphila nokukhubazeka, kusekuningi okusafanele kwenziwe ukuthi izinkinga zabantu abaphila nokukhubazeka kube ngezikawonkewonke. Ngokubambisana singaqhubeka sithuthukise intando yethu yeningi labantu ngokwenza ngcono ukufinyelela kwizinsizakalo kwawo wonke umuntu, ikakhulukazi abantu ababuthakathaka abafana nabantu abaphila nokukhubazeka.