Ukulwa nemiphumela elimazayo yotshwala

.Ibhalwe ngu-Dkt. N Nala



Abantu abaningi baseNingizimu Afrika bahlale benemigubho, kungaba ukunqoba kwezwe lonke njengokunqoba iNdebe Yomhlaba Yebhola Lombhoxo, noma ukunqoba komuntu ngamunye okufana nokuphumelela izivivinyo. Le migubho ijwayele ukuhambisana nemigido, ukuhlabelela kanjalo notshwala. 



Utshwala boyindlela yokwenza imigubho kanye nokuzithokozisa, kodwa bungasetshenziswa ngendlela engalungile noma buphuzwe ngokweqile okungaholela ekubhubhiseni izimpilo. 



Njalo ngonyaka abantu abayizigidi ezintathu bayashona ngenxa yotshwala, nokuyisilinganiso samaphesenti ayisihlanu sokufa sekukonke. Lokhu kuyakhathaaza kakhulu eNingizimu Afrika lapho utshwala kuyinto ephuzwa kakhulu ethunaza ukusebenza kwengqondo futhi amazinga aphezulu okuphuza ngokweqile kanye nokulimala okuhambisana nalokhu kuyanda.



Echaza ngale nselele, uNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi, uLindiwe Zulu, ubeke wathi “utshwala bungenye yezinto eziphuzwa ngokweqile futhi ezidala umonakalo omkhulu kubantu abaningi ezweni lakithi”.



Ukuphuza utshwala ngokweqile akulimazi kuphela impilo yomuntu ngokulimaza izitho zomzimba ezibalulekile nokuzibeka ebungozini bokuhlaselwa yizifo ezibulalayo, kuphinde kubeke engcupheni ukuphepha, inhlalakahle kanye nezimpilo zabanye abantu. 

Ekufuneni izixazululo zokunciphisa umonakalo odalwa utshwala nezindlela ezingcono zokulawula utshwala, iNingizimu Afrika kamuva-nje isingathe iNgqungquthela Yomhlaba yeNqubomgomo Yotshwala (i-GAPC).



Kungokokuqala ngqa ukuthi le ngqungquthela ibanjelwe e-Afrika, ebihlanganise labo abaklami benqubomgomo, izifundiswa, abamele izinhlangano zomphakathi nama-NGO aphuma emhlabeni jikelele.



Kule ngqungquthela kugxilwe kabanzi ekusungulweni kwenqubomgomo yomhlaba yotshwala evikela abantwana nabantu abadala ababuthakathaka. Kuphinde kwadingidwa ngokuthi ukuqhubeka nokulawula ukukhangiswa kotshwala kungasiza kanjani ukulwa nokuphuzwa kotshwala ngokweqile.  



Ngesikhathi sale ngqungquthela uNgqongqoshe uZulu uzinikele ekubuyekezeni uMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ezotshwala okuhloswe ngawo ukuqinisa imithetho yokuhweba utshwala, ukukhangiswa kanye nokudayisa. Umthethosivivinywa ubeka phambili izingenelelo eziqinile ezibandakanya ukukhushulwa kweminyaka yobudala esemthethweni yomuntu okufanele aphuze utshwala iye kuma-21 kanye nokwethula imikhawulo yebanga eliqhelile phakathi kwezikhungo zemfundo nezenkolo kanye nezindawo ezithengisa utshwala. Uphinde ubeke icala abadayisi botshwala nabakhiqizi uma kunokulimala okudalwe ukungathobeli imithetho.



Lezi ziphakamiso zibalulekile ekuthuthukiseni ukulwa kwethu nokuphuzwa ngokweqile kotshwala, ikakhulukazi ekunqandeni ukuthi abantwana abancane bangafinyeleli etshwaleni njengoba izibalo zithi oyedwa kubantu abasha abathathu uhaqwe izidakamizwa kanye notshwala kuleli lizwe. 

Isigameko esibi sokuphuza kwabancane abancane nokungathotshelwa kwemithetho yotshwala sabonakala endaweni yokucima ukoma i-Enyobeni nesaholela ekushoneni kwabantwana abangama-21.  



Ekuqiniseni imizamo yethu yokubhekana nezinselele ezibangwa ukusetshenziswa ngokweqile kotshwala nezidakamizwa kuleli lizwe, uMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi usebhale uhlaka lwenqubomgomo yoKugwema noKwelashwa izifo Ezibangwa Ukusebenzisa Izidakamizwa, maduze-nje oluzoshicilelwa kusomqulu ukuze umphakathi uzophawula ngalo. IKhabhinethi liphinde lancoma iKomidi Longqongqoshe ngokuqhamuka namaqhingasu okugwema, ukunciphisa nokwelapha ukuphuza utshwala nokusetshenziswa kwezidakamizwa ngokweqile.

Ngesikhathi uhulumeni elwela ukunciphisa umonakalo odalwa utshwala ngokuqinisekisa ukuthotshelwa kwemithetho nokusungulwa kwamaqhingasu amasha, sinxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babe izakhamuzi eziziphethe kahle ngokuthobela imithetho ebekiwe.

UMthetho Kazwelonke Wotshwala uvimbela ukuthengisela utshwala noma ngubani oneminyaka yobudala engaphansi kwe-18, lokho okusho ukuthi abazali, amalungu omphakathi, kanye nezitolo ezithengisa utshwala kufanele basebenze ngokubambisana ukuqinisekisa ukuthi utshwala abuthengiselwa izingane.   



Izindawo ezinezimvume zokuthengisa utshwala kufanele ziqinisekise ngokubheka omazisi ukuze zizoba nesiqiniseko sokuthi umuntu mdala ngokusemthethweni ukuthi aphuze utshwala. Lokhu kubhekwa komazisi kubaluleke kakhulu, ikakhulukazi njengoba imicimbi yokuqeda ukubhala izivivinyo, umgubho wezinsuku ezilishumi wokubungaza ukuqeda izivivinyo zikamatikuletsheni kanye nokusingathwa kwemibuthano emiphakathini kuzokwenzeka njengoba ukubhalwa kwezivivinyo kuzophothulwa kanti nesikhathi samaholidi kakhisimuzi siyasondela.  



Abantu baseNingizimu Afrika bayanxuswa ukuthi baziphathe kahle ngesikhathi samaholidi kakhisimuzi uma bekhetha ukuphuza utshwala, nokuhlale njalo benqaba ukusebenzisa izidakamizwa. Ukuphuza utshwala ngokweqile kuyamaniswa kakhulu nezinga eliphezulu lezingozi zomgwaqo, ukuziphatha ngodlame, ukulwa kanye nodlale lwasekhaya. 



Ukuphuza utshwala ngokweqile kungenye yezimbaangela ezinkulu zobugebengu, ikakhulukazi udlame olubhekiswe kwabobulili obuthile nokubulawa kwabesifazane eNingizimu Afrika. Kufanele kube ngumsebenzi wethu ukubika izigameko ze-GBVF, ubugebengu obuhlobene notshwla nobunye, kwiziphathimandla zomthetho.



Ukunciphisa umonakalo odalwa utshwala kudinga imizamo ehlangene yawo wonke umuntu. Uma sidlala eyethu indima ngokuphuza ngendlela efanele nokuthobela imithetho yethu, singabungaza ngaphandle kokubeka impilo yethu, ukuphepha kanye nezimpilo zabanye abantu engcupheni.