Sivuselela umoya wobuntu

nomondeOkunye okukhulu esingakufunda kubhubhane lwe-COVID-19 ngukuthi impilo iyigugu nokuthi sasingadalelwanga ukuphila ngokuqhelelana nabanye abantu noma ngabodwana.

Ngesikhathi kuhlasele ubhubhane, abantu abaningi bahlaselwa ingcindezi ngenxa yesikhathi eside sokuvalelwa ngabodwana. Lokho kwasibonisa ukubaluleka kobunye nokuthi ukukhuluma nabanye abantu kwenza sazi siphilela ini futhi kuyasisiza ukunqoba izingqinamba zempilo.  

Ukubuyela kwethu esimeni esejwayelekile kuphinde kwasinika elinye ithuba lokuvuselela umoya wobuntu kanye nobunye obuyisibonelo esihle sobunjalo besizwe sakithi. Emlandweni wethu, sibonise ukuthi sinamandla uma sibambisene futhi singanqoba nezingqinamba ezinzima kakhulu.  

Izwe lakithi lakhiwe inhlanganisela yezenzo kanye nobudlelwano obunzulu babantu bakuleli lizwe. Kuphinde kube lusiko lwethu sonke kanye nokwahlukahlukana okunothile, okwenza iNingizimu Afrika ibe yizwe elehlukile. Lokhu kuhlangana kwaziwa ngokuthi umoya woBuntu, okuyinhlanganisela yokuba ngumuntu kanye nokubonisa ubuntu.   

Igama elithi Ubuntu izimpande zalo zisuka kwisisho sesiZulu esithi “umuntu ngumuntu ngabantu”, lokho okuchaza ukuthi umuntu ungumuntu ngenxa yabanye abantu noma ngiyilokhu engiyikho ngenxa yalokhu esiyikho, okuchaza isintu sethu sokusizana.

Lichaza ukuthi omunye nomunye angazuza lokho akufisayo ngokugqugquzela inhlala-kahle yabanye abantu futhi lisikhumbuza ukuthi siyadingana ukuze sizophila ngokuphelele futhi sakhe isizwe esingcono.

Ngaphezu kwalokhu, umoya woBuntu ubonisa amagugu athokomele nacebile aseNingizimu Afrika esiwathola kuzwelo esinalo, ukucabangelana, uzwela, umusa, ukulingana, isithunzi somuntu kanye nobunye.

Njengoba siya phambili nesizwe sakithi, sonke siyanxuswa ukuthi sivuselele umoya woBuntu ukuze sizosebenzela phezu kokuhle esikufisayo nesikufunayo sonke ukuze izimpilo zabantu bonke zizoba ngcono. Masibambane ngabanye ngabanye futhi sigqugquzele ubunye ngesikhathi sifaka igalelo ekwakheni isizwe sakithi.

Ukuphinde sichaze ilifa lethu njengabantu baseNingizimu Afrika kudinga ukuthi samukele isiko loBuntu futhi singaqala ngokupha indlebe omunye umuntu futhi simuphe iseluleko, simbonise indlela noma sibe ludondolo lwalabo abadinga ukwesekwa ngokomoya.  

Ubuntu busibiza ukuba selule isandla emiphakathini yethu kanti lokhu singakwenza ngokuthi sinikelele labo abaswele, sisize abantu abadala, sinikele ngesikhathi sethu ekupheni labo abaswele, sisungule imikhankaso yokuphekela abaswele ukudla noma silime izivande zokudla ezizoqinisekisa ukuthi ukudla kuyatholakala ukuze kuzosizakala imiphakathi empofu.

Singanikela ngesikhathi sethu emaqenjini aqapha umphakathi siphinde selekelele amaforamu amaphoyisa ukusiza ukulwa nobugebengu emiphakathini yakithi. Ukunqaba ukuthenga impahla eyebiwe noma engumgunyathi kanye nokubika ngezinto ezifana nalezi esiteshini samaphoyisa esiseduze kuqinisa impi yethu yokulwisana nobugebengu.

Obunye bobugebengu obushaqisayo obudinga ukuthi sisebenze ngokubambisana uDlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile Nokubulawa Kwabesifazane (i-GBVF). Singayidlala eyethu indima ngokubika ngodlame nokuhlukunyezwa okubhekiswe kwabesifazane nabantwana esiteshini samaphoyisa esiseduze siphinde sisize labo abasindile bakwazi ukudlula kulesi simo esibuhlungu ngokuthi sibeseke, futhi bathole ukwelulekwa.

Kufanele siphinde sibonise abantwana bethu indlela ngokuthi sihlale sikhona ezimpilweni zabo ukuze sizobasiza ukubaholela endleleni elungile. Enye yezindlela esingakwenza ngayo lokhu kungaba ngukubeluleka ngokuthi bangasebenzisi izinto ezidakayo, ezilimaza impilo yabo.

Bonke abantu baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi intsha yakithi bayanxuswa ukuthi bathi “CHA!” ezidakamizweni nasezintweni ezingekho emthethweni. Kufanele siqinise impi yethu yokulwa nokusetshenziswa kwezidakamizwa njengoba lokhu kuthinta ngqo nangezinye izindlela wonke umuntu emiphakathini yethu.

Ngomoya woBuntu, maselule isandla entsheni yakithi ngokwenza yonke imizamo yokuthi lapho sinamandla khona sinikeze abantu abasha ithuba lokuqala lokusebenza. Uma sisondeza abantu abaningi abasha emisebenzini, lizokhuphuka izinga lokwakha isizwe sakithi futhi lokho kuzolwisana nesihlava sokuswelakala kwemisebenzi. 

Uhulumeni, ngasengxenyeni yakhe, uzohlanganisa izakhamuzi ezisebenza umsebenzi owodwa wokulwisana nezinselele ezisihlasele ngokuqhuba izinhlelo zokusiza umphakathi, imikhankaso yokuqwashisa kanye neZimbizo.

Sonke singenza ukuthi iNingizimu Afrika ibe isizwe esimangazayo ngokuqhubela phambili umoya woBuntu futhi samukele isiko lokubumbana. Ngokwenzanjalo singakha isizwe esichumayo futhi esisebenzela wonke umuntu.